I-Bitcoin v0.1 ikhishiwe

ngo Satoshi Nakamoto 2009/01/09open in new window

Kumemezelwa ukukhishwa kokuqala kwe-Bitcoin, uhlelo olusha lwemali ye- elekthronikhi olusebenzisa inethiwekhi yontanga ukuvimbela ukusetshenziswa kwemali kabili. Lizimele (uhlelo) ngokuphelele, alinaseva noma igunya elikhulu.

Vakashela iwebhusayithi bitcoin.org ukubona izithombe.

Thola i-Bitcoin v0.1 ku: http://downloads.sourceforge.net/bitcoin/bitcoin-0.1.0.rar

Lolu hlelo lukhambelana ne-Windows kuphela okwamanje. Ikhodi yomthombo ovulekile ye-C++ ifakiwe.

  • Khipha amafayela kwisikhombi
  • Qalisa BITCOIN.EXE
  • Ixhuma ngokuzenzakalela kwamanye ama-nodi

Uma ukwazi ukugcina i-nodi isebenza eyamukela ukuxhumana okungenayo, uzobe usiza inethiwekhi kakhulu. I-Port 8333 ku-firewall yakho idinga ukuvuleka ukwamukela ukuchumana okungenayo ukuxhumana.

Lolu hlelo luseselusha futhi lisahlolwa. Akunasiqinisekiso sokuthi isimo sohlelo ngeke kufanele siqalwe phansi ngesikhathi esithile uma kudingeka, noma ngabe ngikwenze konke okusemandleni ukwakha ngokunwebeka nokwenza inguqulo.

Ungathola izinhlamvu zemali ngokuthola umuntu ozokuthumelela ezinye, noma uvule Izinketho-> Khiqiza. Izinhlamvu zemali zokufaka inodi zokukhiqiza amabhlogo. Ngenze ubufakazi bomsembenzi baba lula kakhulu, ngakho isikhashana ekuqaleni, i-khomphyutha ejwayelekile izokwazi ukukhiqiza izinhlamvu zemali ngamahora ambalwa nje. Kuzoba nzima kakhulu lapho ukuncintisana kwenza kukhuphula ubunzima. Izinhlamvu zemali ezakhiwe kumele zilinde amabhlokhi ayi-120 avuthwe ngaphambi kokuba zisetshenziswe.

Zimbili izindlela zokuthumela imali. Uma umamukeli eku-inthanethi, ungafaka ikheli lakhe le-IP futhi izoxhuma, thola ukhiye omusha womphakathi bese uthumela ukuthengiselana namazwana. Uma ngabe umamukeli akekho ku-inthanethi, ungathumela kukheli lakhe le-Bitcoin, okuyi-hashi yabo yokhiye womphakathi abakunikeza wona. Bazothola ukuthengisalana ngesikhathi esizayo lapho bexhuma futhi bafake ibhulokhi. Le ndlela inenkinga yokuthi akukho mininingwane yamazwana ethunyelwe,futhi ubumfihlo obuncane bungalahleka uma ikheli lisetshenziswa kaningi, kepha liwusizo uma bobabili abasebenzisi bengekho ku-inthanethi ngasikhathi sinye noma umamukeli engakwazi ukwamukela ukuxhumana okungenayo.

Total circulation will be 21,000,000 coins. It'll be distributed to network nodes when they make blocks, with the amount cut in half every 4 years.

iminyaka emine yokuqala: izinhlamvu zemali eziyizi-10 500 000 eminyakeni emine ezayo:
izinhlamvu zemali eziyizi-5 250 000 eminyakeni emine elandelayo:
izinhlamvu zemali ezingama-2,625,000 eminyakeni emine ezayo:
izinhlamvu zemali eziyi-1,312,500,
njalo njalo.

Lapho lokho sekuphelile, uhlelo lungaxhasa imali yokuthengiselana uma kudingeka. Kususelwa kumncintiswano wemakethe ovulekile, futhi cishe kuzohlala kunamanodi azimisele ukucubungula ukuthengiselana mahhala.

Satoshi Nakamoto


The Cryptography Mailing List Unsubscribe by sending "unsubscribe cryptography" to majord...@metzdowd.com

Abahumushi
Happy Mahlangu

Abasekeli
BitMEX